Waze

Wayiphula wedali kanti umdali wakudalela yona

Wa… Waze

Wayona lentsizwa kanti yaweqa wonke yeza kweyakho intsimu

Wa… Waze

Wayihlakaza imizwa yomuntu kanti ngewushilo uma ingasena sihlalo

Wa… Waze

Wayibhoboza imifula yezinyembezi kanti nendoda akulona ibhola

 

Wa… waze

Wangenza wentombi yakwazulu

Wangenza s’zukulu somuntu omnyama

Wangenza muntu wakithi

 

Wa…

Wayiphula phambi kwezintlanga zing’buka

Nga… Ngaze

Ngakufaka entliziyweni yami kanti kuyisono yini ukuthanda umuntu

Nga… Ngaze

Ngeqa ngidabula izintaba namahlathi kanti ngiyazithela emaweni ngingenalo nebhande

Nga… Ngaze

Ngayibona lentombi entle iyidabula intliziyo yam kanti lento iluthuthando injani?

Nga… Ngaze

Ngazisola, wangicela ngamsiza kanti bengingazi uzongishiya ngenxa yakhe

 

Nga… Ngaze

Ngazenza wentombi yakwazulu

Ngazenza s’zukulu somuntu omnyama

Ngazenza muntu wakithi

 

Nga…

Ngakunika intliziyo yam wayihlafuna

Wayithatha eyakho

Wayinikeza izintlanga

Wayifulathela indoda ekuthembise indandatho

Wayifulathela ngoba ingenalutho

Wayilandela eyendizamshini ngob’inomnotho

 

Kodwa ke akukho lutho

Konke kuyobonakala ngeSonto

 

SSSA Booi                                      19:10                                       29 Aug. 13

Views: 588

Comment

You need to be a member of Youthzones to add comments!

Join Youthzones

© 2024   Created by Admin FSSA.   Powered by

Badges  |  Report an Issue  |  Terms of Service